IChad inikele ngamasosha eMali

2013-01-23 12:03

N'Djamena – Ngemuva kokuzibophezela ngokukhipha amasosha angu-2 000 aqeqeshiwe ukuba alwisane nontamolukhuni bamaSulumane eMali, umengameli waseChad u-Idriss Deby ubukeka esekulungele ukukhipha amasosha ngenhloso yokudala uzinzo.

Isibophezelo sikaDeby sokuthumela isibalo esikhulu samasosha eMali size ngemuva kwamasonto eyalele amasosha eCentral African Republic, ukuba asebenzele ukunqanda amavukelambuso ukuba angene eBangui.

Aqeqeshwe kahle, anakhokonke futhi anesipiliyoni sokulwa ogwadule, amasosha aseChad ngeke abe yingxenye ye-International Support Mission for Mali (MISMA), yona ezoba namasosha angaphezulu kuka-4 000 athenjiswe amazwe asentshonalanga ye-Afrika, kusho umthombo waseChad.

Kodwa, amasosha aseChad azosebenzisana nawe-MISMA, azophathwa ujenene waseNigeria, kanye namasosha aseFrance esengenelele ekulwisaneni namasosha ahlobene ne-al-Qaeda, kusho umthombo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Izingane ezintathu kwababuyiswa eNigeria

Emizuzwini eyi-40 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C High level clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 12-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...