IBoko Haram izosabalala ne-Afrika - Jonathan
2013-01-24 10:01
Lagos - UMengameli waseNigeria uGoodluck Jonathan uthi iqembu lamaphekula elingamaSulumane iBoko Haram, lizokuba yingozi emazweni amaningi ase-Afrika, uma linganqandwa.
UJonathan usho kanjena ngesikhathi ekhuthaza ukuthi kwelekelelwe izwe iMali, okumanje emiswe kambi ileli qembu.
Umengameli ukhulume kanjena ngesikhathi enengxoxo nabezindaba ze-CNN.
"Uma inganqandwa iBoko Haram, angeke igcine kuphela ngokuhlukumeza iNigeria kodwa izodlulela kwamanye amazwe, isabalale ne-Afrika," kusho uJonathan ekhuluma eseDavos, emhlanganweni weWorld
Economic Forum.
Uveze ukuthi iBoko Haram iyagcaluza, ixhumana namanye amaqembu adlelana ne-al-Qaeda, aqhuba impi eMali.
"Lesi sizathu yisona esenza uhulumeni waseNigeria, azimisele ekulekeleleni amanye amazwe ahlaselwe yizinkinga ezifana nezaseMali."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA