I-Uganda izophasisa umthetho omelene nezitabane

2012-11-12 14:01

Kampala - Lowo ongusomlomo ePhalamende lase-Uganda uthe kulindeleke ukuthi kuphasiswe umthetho omelene nabathandana bengabobulili obufanayo ngaphambi kokuphela konyaka, yize lokhu kuthole ukugxekwa ngamazwe omhlaba.

USomlomo uRebecca Kadaga utshele abe-Associated Press ngoMsombuluko ukuthi lo mthetho, nowawuthi kumele babulawe abatholakala bethandana nababobulili obufanayo, uzophasiswa ngenxa yokuthi iningi labantu base-Uganda "bayawufuna".

UKadaga uthe izishoshovu zithe la bantu balolu hlobo "bayingozi" kanti lo mthetho kumele uphasiswe "njengesipho sikaKhisimusi".

UPepe Julian Onziema, noyisishoshovu sabathandana bengabobulili obufanayo e-Uganda, uthe kuyabakhathaza kakhulu lokho.

UMengameli waseMelika uBarack Obama ungomunye wabahlaba lo mthethosivivinywa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 22-34°C More sun than clouds. Extremely hot.
Jhb: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 20-34°C Morning clouds. Extremely hot.
Dbn: 21-34°C Light rain late. More clouds than sun. Hot. PE: 19-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...