I-Uganda ayeneme nge-UN
2012-11-06 10:00
United Nations - Izwe lase-Uganda liyaqhubeka nokwesabisa ngokuthi lizokhipha amasosha alo angaphansi kohlelo lokugcina ukuthula emhlabeni ngemuva kokuba i-UN ngoMsombuluko ikhulume ngezinsolo zokuba leliya lizwe liseka amavukelambuso aseDRC.
UNgqongqoshe wezokuXhumana neLwazi e-Uganda, uRuhakana Rugunda utshele abe-AFP ukuthi izwe lakhe libona sengathi liyathukwa yiNhlangano yeziZwe ngombiko othi i-Uganda neRwanda basiza amavukelambuso i-M23.
I-Uganda, nenamasosha amaningi okugcina ukuthula eSomalia, Ivory Coast, naseSudan, isisabise ngokuwakhipha amasosha ayo uma nje lokhu abasolwa ngakho kungahoxiswa.
URugunda uhlangane nephini likanobhala jikelele kanye namanxusa e-UN Security Council ukuzokhuluma ngale mibiko isisabalele.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP