I-EU ihoxise uxhaso lwase-Uganda

2012-12-05 16:27

Kampala - Amazwe amaningi asentshonalanga asemise ukuhambisa usizo e-Uganda, kulandela ukukhwatshaniswa kwemali yosizo engu-$13 million, ekuthiwa yakhwatshaniswa ehhovisi likandunankulu.

I-Uganda yaziwa njengezwe elikhungethwe yinkohlakalo, lokhu kwabekwa obala nguMcwaningi maBhuku Jikelele, ngenyanga ka-Okthoba.

Kuthiwa imali elinganiselwa ku-$220 000 yasetshenziswa kufakwa uphethiloli ezinsukwini ezine, kwasetshenziswa ezinye izigidi kuthengwa izimoto ezisezingeni eliphezulu, enye imali yafakwa emabhange, ngaphansi kwamagama abantu abathile.

Imali kwabe kuwuxhaso lokulungisa izindawo ezakhahlamezeka ngesikhathi kuhlasela amasosha kaJoseph Kony.

URoberto Ridolfi oyinhloko yethimba le-European Union, elijutshwe e-Uganda, uthe baphumela obala ngokuhoxiswa koxhaso, kungaze kubukeke njengokwephula isithembiso.

ISweden, Germany, Ireland, Britain kanye neDenmark, sebevele bakumisile ukuxhasa i-Uganda, evele ithembele ku-25% woxhaso lwamanye amazwe.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...