I-DRC izobamba izingxoxo nezihonga

2012-12-05 10:00

Goma – Amavukelambuso eDemocratic Republic of Congo azobamba izingxoxo zokudala ukuthula nohulumeni eUganda, kusho izikhulu ngoLwesibili eGoma.

"Izingxoxo zizoqala ezinsukwini ezimbalwa ezizayo eKampala," kusho uNgqongqoshe wezangaPhakathi uRichard Muyej Mangez, ngemuva kosuku amasosha ebuyele edolobheni elisempumalanga, okuyisizinda sezokumbiwa phansi elisesifundazweni iNorth Kivu.

Umholi we-M23 uJean-Marie Runiga uthe amavukelambuso asekulungele ukubamba izingxoxo, okulindeleke ukuba zihlanganise izinto eziningi ezifunwa namavukelambuso, kuhlanganisa izinguquko kwezombusazwe esifundeni esikhungethwe yizimpi.

Ukudla iGoma kwamavukelambuso ngoNovemba 20, kwabangela ukwesaba ngokuthi kungasabalalisa impi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C High level clouds. Cool. Pta: 21-31°C a few showers. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-33°C More sun than clouds. Hot. PE: 17-26°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...