I-AU yeseka imizamo ngeMali

2012-11-14 10:03

Ouagadougou - I-African Union isilwamukele uhlelo lokungenelela kwamasosha ngenhloso yokubuyisela izwe laseMali esimweni esejwayelekile, engxenyeni esenyakatho, ephethwe ngamavukelambuso amaSulumane.

Amazwe ase-Afrika nawangaphandle kwayo azwakalise ukukhathazeka kwawo ngesenzo esiqhubekayo sokudliwa kwengxenye yaseMali esenyakatho ngenhloso yokuba kuhlale kuyo ngokunethezeka amaqembu adlelana ne-al-Qaeda kanye nawezigilamkhuba.

Abaholi bamazwe angu-15- e-Economic Community of West African States (Ecowas) baba nomhlangano ngeSonto e-Abuja, bavumelena ngokuthumela amasosha angu-3 300 ukuze ayothatha leya ndawo esenyakatho neMali, eyadliwa kusukela ngo-Ephreli.

NgoLwesibili, i-African Union (AU) ikwamukele lokhu kungenelela.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...