'Hlukanani nokweseka amavukelambuso eDRC'

2013-02-28 12:05
Yabelani Shicilela

New York –  UNobhala Jikelele we-UN uBan Ki-moon ngoLwesithathu uthe amanye amazwe angaphandle asaseka amavukelambuso aseDemocratic Republic of Congo kumele ajeziswe ngenxa yesimo esikuleliya lizwe.

UBan usho kanje embikweni abecela kuwona ukwesekwa amazwe omhlaba ekungeneleleni eDRC, okuyilapho khona abagcinibokuthula be-UN bethwaliswe kanzima yiqembu lamaphekulazikhuni iM23.

Umholi we-UN akawabalulanga amazwe asiza amavukelambuso nokuthi kumele athathelwe ziphi izinyathelo.

"Ukuqhubeka nokusekwa kwamavukelambuso okwenziwa amazwe angomakhelwane kudala izinxushunxushu kuleliya lizwe.” Kusho umbiko wakhe ku-UN Security Council.

Ungoti we-UN uthe iRwanda ne-Uganda banika izikhali iM23 njengoba ivukela umbuso, womabili la mazwe ayakuphika lokhu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...