Grace Mugabe - Sinemizimba emihle kodwa asiyivezi

2014-11-21 13:37

Harare - UGrace Mugabe ongunkosikazi kaMengameli waseZibabwe uRobert Mugabe, usekhwele wadilika kuSekela Mengameli wezwe uJoice Mujuru, ethi akazihloniphi.

Ngokusho kwabezindaba zemyzimbabwe.co.zw, uMugabe ugxeke uMujuru, ethi wambona egqokela phambi komuntu wesilisa osemncane ngeminyaka.

Ukugxeka ukwenze ekhuluma nosomabhizinisi abakade behlangene esikhungweni sakhe esinakekela abantwana iMazowe Children's Home.

Funda nalolu daba: 'UGrace wamakelwa uMugabe iphepha lakhe lePhD'

"Ngamtshela ukuthi akubukeki ukuthi akhumule agqokele phambi kwabafana abancane. Umuntu osezingeni lakhe akaziphathi ngaleyo ndlela."

UMugabe uthi abanye abasePhalamende barhi sebake bakhuluma noMujuru ngokugqoka kwakhe kodwa wabashaya indiva.

"Kumele ashintshe indlela agqoka ngayo, sibaningi sinemizimba emihle kodwa asikhangisi ngayo."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...