Bazovota e-Angola

2012-07-03 12:02
Yabelani Shicilela

Luanda - Amaqembu ezombusazwe ayisishiyagalolunye ase-Angola azoba yingxenye yokhetho lukazwelonke oluzokuba ngukhetho lwesithathu kusukela izwe laytjhola inkululeko ngo-1975.

"INkantolo yoMthethosisekelo inike amaqembu igunya lokubamba ukhetho. Mahlanu amaqembu bese kuba yizinhlangano ezingumbimbi," kusho inkantolo, esitatimendeni.

Angu-27 amaqembu akade ecele ukuba yingxenye yokhetho, angu-18 kuwo achithiwe yinkantolo.

Iqembu elibusayo iMovement for the Liberation of Angola (MPLA) kanjalo neqembu eliphikisayo iNational Union for the Independence of Angola (Unita), azokuba yingxenye yokhetho.

Iqembu elisanda kusungulwa iBroad Convergence of Angolan Salvation (Casa), elisungulwe ngenyanga kaMashi, nalo lizokuba yingxenye yokhetho.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-19°C Showers late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...