Bazama ukuletha ukuthula eCAR

2013-01-04 13:16

Bangui - Uhulumeni eCentral African Republic ulungiselela ukungena ezingxoxweni zokudala ukuthula namavukelambuso eLibreville, njengoba isimo sisazinzile.

Umbuso kaMengameli uFrancois Bozize usuqale ukwenza izinsolo ngamavukelambuso kanye nabaholi bawo ngaphambi kwezingxoxo ezizoqala enhlokodolobha yaseGabon ngoJanuwari 8, ezizoba phakathi kweziphathimandla kanye namaqembu amathathu amavukelambuso, iSeleka.

Khonamanjalo, iSeleka isikumisile ukuhlasela eSibut, okuyindawo engamakhilomitha angu-160 ukusuka eBangui, njengoba zombili izinhlaka ziqashwe ngamasosha amazwe.

NgoLwesine uNgqongqoshe wezemiNgcele uJosue Binoua usole amavukelambuso ngokwakhiwa kakhulu abantu bakwamanye amazwe njengabase Chad, Sudan nabaseLibya.

"Uma abanye babaholi bamavukelambuso bengabokuzalwa ngempela eCentral African, akunjalo kumasosha abo, njengoba iningi labo linabantu beToro Boro, okungamavukelambuso aseSudan asuka eDarfur," uBinoua etshela iAFP neRadio France Internationale.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 6-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 2-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. PE: 9-19°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...