Bayavota e-Angola

2012-08-31 12:01

Luanda - Sezivuliwe izikhungo zokuvota e-Angola njengoba abahlali bezovota okwesithathu eminyakeni engu-37 nekulindelwe ukuthi lubuyisele esikhundleni uMengameli uJose Eduardo dos Santos.

Abavoti baqale ukushaya ujenga ngezithuba zawo-07:00, zingu-10 000 izikhungo zokuvota ezikhona ezweni lonke.

Iqembu iPeople's Movement for the Liberation of Angola (MPLA), laba semandleni kusukela izwe lathola uzimelegeqe liphuma esandleni sePortugal ngonyaka ka-1975.

Namanje kulindeleke kube yilo elizonqoba ukhetho kuthi uMengameli uDos Santos aqhubeke nesikhundla.

UDos Santos ungumengameli wesibili e-Afrika osephathe isikhathi eside.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 18-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Morning clouds. Warm. Bloem: 13-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 16-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...