Bayanda abashiya amakhaya eDRC
2012-11-23 16:25
Sake - Izinkulungwane zabantu zibonakale zibaleka zishiya amakhaya azo edolobheni iSake, empumalanga neDemocratic Republic of Congo, njengoba kunokwesabela ukuthi kuzohlasela amavukela mbuso.
Umthwebuli wezithombe wabezindaba i-AFP uthe ubone okungenani isidumbu esisodwa maphakathi nedololobha, lokhu kuza ngemuva kosuku olulodwa idolobha lidliwe yizidla mlilo zeqembu i-M23.
"Kunezidumbu ezisabalele emgqwaqeni, eningizimu nedolobha iSake, kusho uThierry Goffeau oyinhloko yenhlangano eseGoma, iDoctors Without
Borders (MSF).
Abe-M23 bahlasele eGoma ngasekuqaleni kwesonto, bahlasele isifunda iKivu, la kwashona khona abantu abaningi, empini eyaqala ango-1996.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).