Bayabukeka nabamnyama ngebala - Inhlangano
2013-02-18 14:03
Dakar – Ngenxa yokucikwa yisikhangisi ezigqugquzela abesifazane ukuba bashintshe isikhumba sabo babe mpofu, sekusungulwe uhlelo eSenegal oluzogqugquzela ukuthi kuhle ukuba mnyama – kanti ukwenza okwehlukile kungakulimaza.
Umkhankaso wenziwe ngemuva kwesikhangisi esifakwe eDakar ngonyaka odlule esimayelana nesiphaquli sobuso esaziwa nge"Khess Petch", noma "i-all white", ngolimi lwedawo iWolof.
Isikhangisi sithembisa abantu ukuthi bazobona umehluko ezinsukwini ezingu-15.
Siveza ubuso bowesifazane ngaphambi kokusebenzisa lo khilimu wobuso emnyama nangemuva kokuwusebenzisa esekhanya ngebala.
"Sisethusile lesi sikhangisi ngoba sichaza ukuthi ubumnyama abubuhle futhi sisho ukuthi abesifazane abasebancane kumele bazishintshe,” kusho u-Aisha Deme, ongumnikazi we-website iAgendakar.com.
"Ekuziphenduleleni, sifuna ukukhuthaza abesifazane abamnyama ngakho-ke sesisungule i"Nuul Kukk", okushp ukuthi "all black", kuqhuba owesifazane osemncane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP