Baxolisile ngokuqabulana kwezitabane ohlelweni lwabo

2015-02-06 11:29

Luanda – Inkampani ekhiqiza imidlalo kamabonakude e-Angola ixolisile emphakathini ngemuva kokukhonjiswa kwesiqephu sokuqabulana kwezitabane ohlelweni nokuyisigameko esigxekwe ngabaningi kuleli lizwe.

“Sithanda ukudlulisa ukuxolisa kwethu kubo bonke abathintekile ngesiqephu sokuqabulana kwezitabane,” kusho le nkampani iSemba Comunicaco. 

Le nkampani ithembise ukuthi izozama ukulungisa iziqephu ezivusa uhlevane ezinhlelweni zayo.

Lesi sigameko sokuqabulana kwezitabane sivele ohlelweni oluyintandokazi iKikulumessu lapho kwavela khona amadoda eqabulana wodwa.

OLUNYE UDABA: Aziyi ndawo izitabane - Generations

Nakuba umthetho wase-Angola ungasho lutho ngabathandana nobulili obufana kodwa iningi labantu kuleli lizwe lisayithatha njengempicabadala indaba yokujola kobulili obufanayo.

Lolu hlelo lwatholwa ukugxekwa okukhulu ezinkundleni zokuxhumana abanye basabisa ngokuliduba.

Kuzokhulumela ukuthi naseNingizimu Afrika kwasuka omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuqabulana kukaSenzo noJason emdlalweni wochungechunge iGenerations.  

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...