Bavele enkantolo abaduni bemikhumbi e-S Korea

2011-05-23 10:57
Yabelani Shicilela

Seoul - Lingene enkantolo icala labaduni bemikhumbi abane baseSomalia, eSouth Korea, emuva kokuthi baboshwa ngesikhathi kugaselwa umkhumbi owawuduniwe.

Laba-ke babhekene namacala okungathi uma ebalahla bathole isigwebo sikadilikajele.

Umduni wesihlanu yena uzoshushiswa yedwa eceleni.

Leli cala elizoqhubeka eBusan litshengisa ukuthi iSouth Korea izibophezele ekujeziseni abaduni bemikhumbi abavela kwamanye amazwe.

Kodwa-ke udaba lwezilimi ezisetshenziswayo kudale ukuthi lihambe kancane leli cala.

Umkhosi wezasemanzini waseSouth Korea, iSEAL yagasela emkhumbini othwala amakhemikhali ngoJanuwari 21, emuva kwezinsuku eziyisithupha uthunjwe olwandle lwase-Arab, ubulala abaduni abayisishiyagalombili wabopha abayisihlanu.

- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Partly sunny. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 8-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...