Bathi uzobulawa owaseFrance othunjwe eSomalia
2013-01-16 12:03
Nairobi - Amaphekula angamaSulumane aseSomalia, athi asenqume ukuthi siyiswe kwagoqanyawo isikhulu saseFrance, esithunjiwe kulelizwe isikhathi esevile eminyakeni emithathu.
Leli qembu elidlelana ne-Al-Qaeda, iShebab, likhiphe isitatimende lithi livumelene ngokuthi abulawe uDenis Allex, obesebenza njengesikhulu sezobunhloli eFrance.
Isikhulu seShebab, sitshele abezindaba ze-AFP sathi u-Allex ugwetshiwe futhi angeke siguqulwe isigwebo sakhe: "Ngokubona kwethu kumele afe."
IShebab ayivezanga lutho oluyizinkomba zokuthi usaphila u-Allex, lona uthunjwe eSomali, kusukela ngoJuni 2009, abanye ababili ayebanjwe nabo babulawa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Sapa - AFP