Basahlukunyezwa eZimbabwe - Umbiko

2012-11-26 16:43

Johannesburg - Umbiko wakamuva uthi uhulumeni waseZimbabwe uphambanisa umthetho kunjalo uhlukumeza abahlali, ekuthiwa bahlala betalajwa ngamaphoyisa.

Inhlangano i-Observatory for the Protection of Human Rights Defenders, eyingxenye yenhlangano yamalungelo yaseFrance, yiyo ekhiphe lo mbiko ngoMsombuluko.

Umbiko uchaza ngezahlakalo eziningi zokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu, kuthiwa kunomunye wesifazane owathathwa esekhaya kwakhe, wayoshaywa kanzima ngamaphoyisa.

Umbiko uveza nangokuboshwa kothize oyisishoshovu samalungelo, lona kuthiwa waboshwa amasonto, amaphoyisa embuza ngomsebenzi wakhe, ethi imoto yakhe itholakale maduzane nesehlakalo la kwabulawelwa khona othize.

Umbiko udedelwa nje kulindeleke ukuthi uhulumeni kaMengameli uRobert Mugabe ushicilele kabusha uMthethosisekelo, bese kuyiwa okhethweni ngonyaka ozayo.

Iqembu elibusayo iZanu-PF lihlela ukuqeda uhulumeni wokubambisana ngemuva kokhetho.





 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-10°C Sunny. Cool.
Dbn: 10-18°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...