Baphekwe ngemibuzo abesobengameli eKenya

2013-02-26 10:01

Nairobi - Abaholi abayisishiyagalombili abagaqele isikhundla sobengameli eKenya babhekene nengqinamba yokulwa nenkohlakalo kanjalo nodaba oluthinta ukubuyiswa komhlaba, lokhu kugqame ngoMsombuluko ngesikhathi kuqhubeka inkulumompikiswano eyandulela ukhetho.

Lolu khetho luza ngemuva kweminyaka emihlanu kwabanjwa ukhetho, nokwaphetha ngokuthi kube nezehlakalo zokuchitheka kwegazi, kwashona okungenani abantu abangu-1 100, kwathi abanye abaningi basala bengenamakhaya.

Izimbangi ezinkulu u-Uhuru Kenyatta noRaila Odinga, yibo ababhekeke kakhulu kulolu khetho oluzobanjwa mhlaka-4 Mashi.

UKenyatta uyiSekela likaNdunankulu, aphinde abe yindodana yalowo owabe engumengameli wokuqala wezwe uJomo Kenyatta, owaphatha phakathi kuka-1964 no-1978, nobhekenene namacala ngaphansi kwe-International Criminal Court (ICC).

UKenyatta, u-Odinga nezinye izimbangi eziyisithupha, baphekwe ngemibuzo mayelana nezinhlelo zokuzama ukuqinisa umnotho wezwe, ukuqinisa imithetho ebhekele abasebenzi kanjalo nezimayelana nomhlaba.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...