Balinganiselwa ku-30 000 abasele dengwane eMali
2013-01-15 10:03
New York - Abantu abalinganiselwa ku-30 000, kungenzeka ukuthi basale dengwane njengoba kunempi enhla nezwe iMali, njengoba abangamaSulumane bengena ngodli kule ndawo, kusho umbiko we-United Nations.
Umkhulumeli we-UN u-Eduardo del Bueys uthi kungenzeka ukuthi isibalo singaphezu kwalesi, njengoba kuke kwanemibiko ethi amaphekula avimbe abantu abathize ekutheni babalekele ezindaweni ezibuswa nguhulumeni.
UDel Buey utshele abezindaba wathi abantu ababalelwa ku-230 000 basale dengwane ngenxa yempi eqhubeka eMali, kusukela ngo-Mashi 2012.
UNgqongqoshe wezangaPhandle eMauritaniana uqinisekise ukutheleka kwezinkumbi zabantu baseMali, ezweni lakhe, wathi abanye abaningi bangene emazweni ahlanganisa iBurkina Faso neNiger.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).