Bakhathazekile ngokwebiwa kwamanzi

2012-11-22 12:03

Durban - Usoseshini iCombined Rate Payers Association uthi ukholwa wukuthi uMasipala weTheku awenzi okwanele ukulwa nabantu abazifakela amanzi ngokungekho emthethweni.

Usoseshini uthi ukwanda kwalezi zehlakalo kudla ephaketheni laba abakhokhela amanzi, kubika iNewswatch.

Izikhalazo ziza ngemuva kwesimemezelo sikamasipala esithi ukwebiwa kwamanzi kudla uhulumeni imali elinganiselwa ku-R100 million, kuphinde kuphazamise izinhlelo zokuhanjiswa kwamanzi kubantu.

Umasipala uthi balinganiselwa ku-40 000 abantu abazidonsele amanzi ngokungekho emthethweni, okhulumela usoseshini uLillian Develing uthi le nkinga idlange kakhulu esikhathi esiyiminyaka eyishumi edlule.

"Kunenkinga yokuvuza kwamapayipi yonke imigwaqo, ikakhulu eHillcrest, eminyakeni emithathu edlule ipayipi elisemgwaqeni ongenela ekhaya lalivuza ngenhlanhla ngagcina ngikwazile ukuthola umuntu ukuthi alilungise."

"Namanje ipayipi liqale phansi liyavuza sekuze kwaguga itiyela emgwaqeni," kuqhuba uDeveling.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...