Bakhala ngokubulawa kwezindlovu

2014-06-13 15:33

Johannesburg – Inhlangano engenzi nzuzo isizwakalise ukukhathazeka ngokubulawa kwezindlovu ekubikwa ukuthi kwenzeka ezweni laseCongo, esiqiwini esithathwa njengesinye ezindala kakhulu e-Afrika.

Inhlangano i-African Parks, ithi zingu-68 izindlovu ezibulewe eCongo, esiqiwini iGaramba National Park.

Ezinye zezindlovu zidutshulwe ngabathile ebebesebhanoyini, bathatha imiboko yazo, ingqondo nezitho zangasese.

Kukholakala ukuthi abanye abenza lokhu, ngamasosha aseCongo, abazingeli baseSouth Sudan kanjalo namalungu eqembu lamaphekula iLord's Resistance Army.

Imeneja yaseGaramba, uJean-Marc Froment, uthi isiqiweu siyahlaselwa usuku nosuku.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...