Bahlalele ovalweni abantu baseLibya
2013-02-15 12:02
Tripoli - Bahlalele ovalweni abantu baseLibya, njengoba ngeSonto kuzobe kuqedwa unyaka wesibili kwavukelana imibuso, kwachithwa uhulumeni kaMengameli owabe aziwa ngokuba ngundlovukayiphikiswa uMuammar Gaddafi.
Njengoba abantu bezwe besaba ukuthi kungase kubheduke impi, uhulumeni useqinise ezokuphepha.
Abantu abamelene nohulumeni bathi kumele kube noguquko ezweni, kubuyiselwe uzinzo kusukela kwahlwithwa uMbuso kaGaddafi, owagcina ngokuthi abulawe ngo-Okthoba 2011.
Amaqembu aphikisayo athi ubuholi baphambili, kumele bungavunyelwa ukuba yingxenye kahulumeni, kanti-ke kamuva nje kusatshalaliswe amaphepha enhlokodolobha iTripoli, ethi akuqalwe phansi kuchithwe uhulumeni okhona njengamanje.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA