Bafuna undunankulu omusha eTunisia
2013-02-21 07:31
Tunis - Abaholi baseTunisia baqale umkhankaso wokuthola undunankulu omusha ozohola leli lizwe elisenyakatho ne-Afrika kulandela ukuvukelwa koMbuso eminyakeni emibili eyedlule.
URached Ghannouchi, noyinhloko yeqembu elikhulu lamasSulumane i-Ennahda, uthe akukaqokwa muntu ozongena ezicathulweni zikaNdunankulu Hamadi Jebali, nosule esikhundleni ngoLwesibili, kodwa wathi unethemba lokuthi kuzobonakala uhulumeni omusha kungekudala.
“Sidinga uhulumeni wobumbano namanye amaqembu ezombusazwe," kusho uGhannouchi etshela izintatheli ngemuva kwezingxoxo noMengameli Moncef Marzouki.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters