Babambe umbhikisho eBamako

2012-10-12 10:03
Yabelani Shicilela

Bamako - Izinkulungwane zabantu zibambe umbhikisho enhlokodolobha yaseMali, iBamako, ngenhloso yokuzama ukuphoqa amasosha kahulumeni ukuthi angenelele ekuhlakazeni izihonga zamaSulumane ezihlomile.

Ababhikishi bebethwele izingqwembe ezikhombisa ukweseka amasosha ezwe, uNdunankulu uCheick Modibo Diarra kanjalo ne-Economic Community of West African States (Ecowas), okumanje ihlela ukwandisa isibalo samasosha azotshalwa kuleli lizwe.

Umbhikisho uza nje, iFrance ne-United Nations basanda kufaka ingcindezi ku-Ecowas ne-African Union, ithi azingapheli izinsuku ezingu-30 bengaqhamukile nohlelo lokubuyisa uzinzo enhla nezwe iMali.

Umthombo ongaphakathi ku-European Union, uthi i-EU ihlela ukwelekelela iMali ngokwandisa amasosha.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Sunny. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...