Azizibekile phansi izikhukhula eMozambique
2013-01-22 14:06
Maputo - Izikhulu zaseMozambique zithuthe abantu abalinganiselwa ku-50 000, zibabalekisela ezindaweni ezinokuphepha, njengoba kuhlasela izikhukhula eningizimu nezwe.
Umbiko we-United Nations uthi izikhulu zizama ukugwema inhlekelele yokufa kwabantu, eyenzeka eminyakeni engaphezu kweyishumi eyedlule.
Balinganiselwa ku-35 abantu abavele sebeshonile, kusukela kwaqala imvula ngenyanga ka-Okthoba kuze kube yimanje - imifula eyisishiyagalombili emikhulu, ekhona ezweni nayo idla izindwani.
"Uma imvula iqhubeka ingami, abantu abalinganiselwa ku-50 000 bazokuba senkingeni," kusho isikhulu se-United Nations Children's Fund (UNICEF), uHanoch Barlevi.
Imvula ehlasele, ingenkulu kakhulu eke yabonakala, kusukela kwahlasela izikhukhula zangonyaka ka-2000, ezadlula nemiphefumulo yabantu abangu-800.
Ngokusho kukaBarlevi, kunohlelo olwaqalwa ouingasiza ukuthi kungaphindi okwahlasela ngonyaka ka-2000.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Sapa - AFP