Ayilungiselele ukhetho iMali - UN

2013-01-30 12:02

Paris - Isikhulu senhlangano yezizwe i-United Nations, esijutshwe eSahel, uRomano Prodi, usecele uhulumeni waseMali ukuthi ube uqalela ulungiselela ukhetho, kusho umbiko wephephandaba iLa Croix.

"Uhulumeni kumele aqalele abheke izinto eziphathelene nokhetho, ikakhulu indaba yokubhaliswa kwabavoti. Muningi kakhulu umsebenzi okhona ekumele wenziwe ngaphambi kokhetho, kuze luzophumelela," kusho owabe engumengameli we-European Commission.

"Ngosizo lwemiphakathi yangaphandle, kusetshenziswana ne-UN, i-African Union, i-Economic Community of West African States [Ecowas] kanye ne-European Union, kumele uhulumeni waseMali, uthathe izinyathelo," kuqhuba uProdi.

"Uma nje luqala uzinzo, kumele kukhulunywe eyokhetho kuze izinto zizohamba ngendlela."

Enkulumweni kaProdi nephephandaba, ukhulume ngezinto ezithinta uxhaso lwezwe kanjalo nokubhekelelwa kwezisulu.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Isingenele naseSenegal i-Ebola

Emizuzwini eyi-33 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...