Ayikho indawo yondlovukayiphikiswa - Morsi
2012-11-30 07:26
Cairo - UMengameli wase-Egypt uMohamed Morsi, weMuslim Brotherhood, useqalile ukufaka umfutho ekushintshweni koMthethosisekelo ozoguqula izwe, ngethemba lokuthi kuzodambisa isimo njengoba abantu bevuke umbhejazane kulnadela ukuzinika amandla okulawula yonke into ezweni.
UMorsi uthe ukuzinikeza kwakhe amandla okuvimbela izinkantolo ukuba ziphikise izinqumo zakhe ukwenzela ukuthi "kube noshintsho olubonakalayo"
Lokhu-ke kuqubule imibhikisho kungakapheli ngisho iminyaka emibili kwaketulwa uHosni Mubarak.
“Konke lokhu kuzophela uma abantu bevotela uMthethosisekelo omusha," esho ngoLwesine ebusuku.
"Asikho isikhala sondlovukayiphikiswa."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters