Ayanda amasosha atshalwe eMali

2013-01-22 12:11
Yabelani Shicilela

Segou - IFrance ithi alinganiselwa ku-1 000 amasosha asemazweni ase-Afrika asetheleke eMali, ukuzozama ukulwa namaphekula angamamaSulumane, aphazamisa ukuthula ezweni.

Okhulumela umbutho waseFrance uColonel Thierry Burkhard, uthi amasosha aphuma emazweni ahlanganisa iNigeria, Togo, Benin, Niger neChad.

IFrance yona ithumele amasosha angu-2 150 kanti ithola uxhaso oluvela eMelika, umbutho uthi ukholwa wukuthi amasosha ase-Afrika azokwazi ukubhekana nempi yezihonga zaseMali.

Amanye amazwe angomakhelwane kulindeleke athumele amasosha angu-3 000, ukuzokwelekelela, ukungenelala kweFrance kwaqala mhlaka-11 Januwari, ngesikhathi amaphekula edla elinye lamadolobha.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-20°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 8-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-25°C Sunny. Mild. PE: 14-26°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...