Awazukuboshwa amaphoyisa abulala e-Egypt
2012-03-21 11:07
Cairo - Inkantolo yase-Egypt iwanikeze isigwebo sonyaka owodwa, olengisiwe, amaphoyisa ayishumi nane atholakale enecala lokubulala abantu abangu-22, alimaza abangu-44.
Lokhu kubulawa kwabantu kwenzeka ngesikhathi abantu bebhikishela umholi uHosni
Mubarak.
IJaji uSabri Hamed ukhiphe phambili amaphoyisa amathathu. Imindeni yabantu ababulawa ayisamukelanga lesi sigwebo yasabisa ngokuthi izoziphindiselela.
Imindeni imemeze ithi"Ababulawe ababulele".
Likhipha isigwebo ijaji lithe amaphoyisa ayenelungelo lonke lokudubula ngesikhathi iqulu lihlasela.
Lesehlakalo senzeka mhlaka-28, Januwari ngonyaka owedlule. Ngosuku olufanayo, izinkulungwane zeziboshwa ezigwetshiwe zeqa ejele, zahlasela amaphoyisa zashaqa nezibhamu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24