Aqeqeshiwe amaphekula aseMali - Umbiko
2013-01-18 12:01
New York - Impi eqhubeke phakathi kwamasosha aseFrance namavukelambuso aseMali, ikhombise ukuthi la mavukelambuso angamaSulumane, anamandla futhi akhombisa ukuthi akuqeqeshelwe ukubamba impi, kusho izikhulu zaseFrance kanye neze-United Nations.
Lezi yizinkomba zokuthi isazolokhu ibambene, okungenani izinyanga ezizayo - lokhu kuthiwa kwenza amanye amazwe aphesheya kolwandle afune ukungenelela azokwelekelela amasosha aseFrance.
"Uma amasosha kwenzeka ehluleka eMali, lokho kuzokuba nomphumela omubi kuwona wonke umuntu, hhayi abantu baseMali bodwa," kusho esinye sezikhulu esingathandanga ukuthi sidalulwe njengoba singagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.
Kukholakala ukuthi abaningi kulaba baqeqeshwa nguhulumeni kaMengameli owabulawa uMuammar Gaddafi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Reuters