Amathemba ngoMthethosisekelo waseZimbabwe

2013-01-30 10:02

Harare - Ukudwetshwa kabusha koMthethosisekelo waseZimbabwe, kungumhlahlandlela wokhetho lukazwelonke, ekuhloswe ngawo ukuthi kuqiniswe isiShayamthetho ekubikwa ukuthi siyantenga.

Umbiko okhishwe ngabezindaba zeReuters uthi UMengameli uRobert Mugabe kulindeleke akhulume nezinye izinhlaka, uma kudwetshwa uMthethosisekelo.

Loyo okhona njengamanje, uvumela umengameli ukuthi ashaye futhi ashintshe imithetho ngokuthanda kwakhe.

UMthethosisekelo ohlanganiswayo kulindeleke ube nesigaba esithi umengameli kumele abe sehhovisi isikhathi esingamahlandla amabili kuphela.

UMugabe usehlale ezintanjeni iminyaka engu-32, uma uphumelela uMthethosisekelo, lokho kuyosho ukuthi usengahlala amahlandla amabili, kungadluli kulokho.

Ngesonto eledlule, womabili amaqembu amakhulu ezweni, okuyiqembu elibusayo iZanu-PF neqembu eliphikisayo iMovement for Democratic Change, athe ayaweseka uMthethosisekelo omusha.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ugwetshwe ebalisa owanukubeza ingane

Emizuzwini eyi-15 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...