Amasosha kaKony asebulale abangu-39 - Umbiko

2012-12-14 14:02
Yabelani Shicilela

New York - Isikhulu se-Uinted Nations sithi amasosha kaJoseph Kony, eqembu iLord's Resistance Army, asebulale abantu abangenacala abalinganiselwa ku-39 eDemocratic Republic of Congo naseCentral African Republic.

Umbiko okhishwe ngabeSecurity Council, uphuma esikhulwini uBan Ki-moon uthi zilinganiselwa ku-180 izehlakalo zokuhlasela ezenziwe yiqembu i-LRA, kulo nyaka ka-2012, kwathunjwa abantu abangu-193.

Umbiko uthi abantu abangu-19 babulawe eDRC, kwathi abangu-20 babulawa eCentral African Republic.

Abantu abalinganiselwa ku-443 000 sebebaleke bashiya amakhaya abo.

UKony ungumsolwa emacaleni ezimpi kanti ufunwa uthuli ngabe-International Criminal Court, abalelwa ku-2 500 amasosha ajutshelwe ukuthi amthungathe.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-21°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 14-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...