Amasosha aseFrance alimaze abane ehlasela inkambi
2013-02-25 16:12
Bamako - Amasosha aseFrance ahlasele inkambi yabeqembu lamaSulumane enhla nezwe iMali, kwalimala abane abaseqenjini i-Arab Movement of the Azawad
(MAA).
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi ibikade itholene phezulu phakathi kwabeqembu iTuareg anamavukelambuso eMAA kanye namasosha kahulumeni.
"Abane abaseqenjini i-MAA balimele ngesikhathi kuqhunyiswa ngebhomu inkambi i-Infara, eqhele ngo-30km emngceleni wase-Algeria, kusho uBoubacar Ould Taleb ongumholi we-MAA.
"Izindiza zaseFrance zijikijele amabhomu enkambini yethu, kudicileleke phansi izimoto ezinhlanu zombutho wethu."
U-Ould Taleb uthi amasosha aseFrance eseka iqembu labeTuareg iNational Movement for the Liberation of Azawad (MNLA), athi lihlukumeza abesifazane nezingane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).