Amasosha ase-ALgeria angenisa kumavukela mbuso

2013-01-17 10:01

Algeriers - Amasosha ase-Algeria asezungeze indawo la kuhlangene khona amaphekula angamaSulumane, ekuthiwa athumbe abantu basemazweni angaphandle, lokhu kwenzeka kusadlule usuku olulodwa vo kuhlaselwe amasosha.

Oshayasibhamu kuthiwa benze lokhu kuhlasela bekhombisa ukungahambisani nokwesekwa kokusebenzisana kweFrance namasosha kahulumeni waseMali.

UNgqongqoshe woMnyango wezangaPhandle e-Algeria uDahou Ould Kablia, ukhulume esiteshini sikamabonakude sikahulumeni wathi uhulumeni angeke abe nokuxoxisana namavukelambuso.

Amavukelambuso lana, atshela abezindaba zaseMauritaniana athi athumbe abantu abavela phesheya kolwandle abangu-41, laba bahlanganisa abantu abadabuka eFrance, Britain, Japan kanye nabayisikhombisa baseMelika.

Bathi lokhu kuthumba bakwenza njengophawu lokukhombisa intukuthelo yabo, ngokuthi uhulumeni avumele amabhanoyi ezempi aseFrance, ukuthi alekelele iMali, elwa namaSulumane asezweni.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Showery. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...