Amasosha adubule izakhamuzi ngephutha
2013-01-17 12:02
Mogadishu - Isikhulu saseSomalia sithi amasosha e-African Union adubule ngephutha esikoleni sezenkolo ngesikhathi ejaha izihonga, kwashona izingane eziyisihlanu nabantu abadala ababili.
UDahir Amin Jesow, noyilungu lePhalamende eSomalia uhambele eLeggo, nokuyilapho kwenzeke khona lesi sigameko, uthe lezi zingane bezingaphansi kweminyaka engu-10 yobudala.
UJesow uthi lokhu kuhlasela kwenzeke ngabo-03:00 ngoLwesibili.
UJesow uthe lokhu kulandele ukuthi amasosha e-AU ehlaselwe yila maphekulazikhuni.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP