Amaphoyisa agasele emahovisi ezingqapheli zokhetho

2013-02-20 10:05

Harare - Amaphoyisa aseZimbabwe agasele emahhovisi enhlangano enkulu ebhekele ukhetho ezweni, kanti lokhu sekwenze izishoshovu zaba nokwesabela ukuthi kuzokuba nezehlakalo zokusabisa, njengoba kuzoguqulwa uMthethosisekelo wezwe.

Amaphoyisa angene ngendlov'iyangena emahhovisi eZimbabwe Election Support Network (ZESN), afike ashaqa amadokodo athile, kusho ummeli wamalungelo abantu.

Akukho muntu oseboshiwe okwamanje.

"Amaphoyisa abenemvume yokusesha izinto ezithile ezithinta abantu abangene ezweni ngaphandle kwemvume," kusho okhulumela ummeli uKumbirai Mafunda, etshela abezindaba ze-AFP.

Emasontweni edlule amaphoyisa kuthiwa abemise kambi izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni

Khonamanjalo, inhlangano emelene nohulumeni, iyakuphikisa ukuphasiswa koMthethosisekelo omusha, ithi kumele inikwe isikhashana ithi ukuwufundisisa.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Iyasondela eMzansi i-Ebola

2014-09-23 12:33
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Sunny. Mild. Pta: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...