Amaphoyisa abulale abathathu eKenya

2012-12-10 14:02
Yabelani Shicilela

Nairobi - Amaphoyisa aseKenya asedubule abulala abasolwa abathathu ekukholakala ukuthi bacheme neqembu lamahlubuka, elisolwa ngezehlakalo eziningi zodlame.

"Abathathu badutshulwe babulawa kwathi abane baboshwa," kusho isikhulu samaphoyisa u-Aggrey Adoli, othe kuqubuke impi ngeSonto ebusuku esifundeni iMombasa.

Amadoda lawa kuthiwa anobudlelwane neMombasa Republican Council (MRC), efuna kukhishwe lesi sifunda ngaphansi kwezwe iKenya, kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa agasele endlini ebihleli abasolwa nabalaba abashonile, kuthiwa laba bebephezu kwetulo lokuhlasela isiteshi samaphoyisa, kusho uCommander Julius Wanjohi.

"Silunywe indlebe sase sigasela khona... bebenqaba ukuboshwa. Bazame ukuhlasela amaphoyisa. Abathathu badutshulwe bashona."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 15-25°C Mostly sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...