Amadoda amaNdebele azi ukuzalisa nje - Grace

2014-10-14 10:01

Harare - Unkosikazi kaMengameli Robert Mugabe, uGrace Mugabe, usekhulume wathi amadoda aseMatabeleland, eZimbabwe, into ayaziyo nje ukushadelwa nokukhiqiza izingane esikhundleni sokuthi athuthukise izindawo ahlala kuzo.

UGrace, osanda kuthweswa iziqu zobudokotela e-University of Zimbabwe, ukusho lokhu phambi kwezinkumbi zabantu ababalelwa ku-4 000 eGwanda, ngoMsombuluko, kubika i-myzimbabwe.

UGrace ushiye angalazi emadodeni amaNdebele wathi amandla kakhulu ekuganweni nasekukhiqizeni izingane eziningi bese eyahluleka ngisho ukuzinakekela.

OLUNYE UDABA: UGrace Mugabe uqhoshe ngeziqu ethula inkulumo

"Kuyinto eyejwayelekile lana ukuthola indoda inamakhosikazi nga-10, msangano muni lowo?” esho.

Ukugxeka kukaGrace amadoda angamaNdebele kuphelezelwe yimikikizo, okuyinto ebingalindelekile.

UGrace uphinde wasola la madoda ngokungafuni ukuzithuthukisa, kunalokho avele akhethe ukuya eGoli ayofuna
amatoho angasile.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...