AmaKrestu ayabaleka eGibhithe

2012-09-28 10:01
Yabelani Shicilela

Cairo - Umfundisi wabenkolo yamaKrestu eGibhithe, uthi amaKrestu asebaleke ashiya amakhaya enyakatho nedolobha iSinai, ngemuva kokwesatshiswa amasosha okusolakala ukuthi angaphansi kwenkolo yamaSulumane.

UFata uYoussef Sobhi uthi amasosha amaSulumane asabise imindeni eyisikhombisa yamaKristu edolobheni iRafah ngasemngceleni ohlukanisa elaseGibhithe neGaza kwa-Israeli.

Imindeni lena ibhace edolobheni i-El-Arish.

UFata uthe amaphoyisa awawavikeli ngokwanele amaKrestu eSinai Peninsula, okuyilapho amaSulumane esenamandla khona selokhu kwaqunjwa phansi umbuso kaMengameli uHosni Mubarak ngonyaka odlule.

USobhi uphinde wathi amasosha adubule esontweni iThe Holy Family Church, khona enyakatho neSinai, leli sonto lakhiwe lapho amaKrestu ekholelwa khona ukuthi umndeni oNgcwele waqala khona ukuphumula ngemuva kokuwelela eGibhithe.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubulawe 25 eNigeria

2014-04-23 08:09
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...