Akuvikelwe abaseFrance - Hollande

2012-12-27 10:21

Paris – UMengameli uFrancois Hollande ngoLwesithathu useyalele ukuba kuqiniswe ezokuphepha kubantu baseFrance abaseCentral African Republic kulandela imibhikisho enodlame ephikisana nowayehola uhulumeni wobandlululo ngokwehluleka ukusiza ekunqandeni udlame lwamavukelambuso. 

Uphinde wacela ukuba kuvikelwe amanxusa aseFrance azinze enhlokodolobha iBangui, ngemuva kokuhlaselwa kwesakhiwo sawo sihlaselwa ababhikishi abadabule ifulegi laseFrance, kusho isitatimende esikhishwe yihhovisi likaHollande.

UNgqongqoshe wezokuVikela eFrance uJean-Yves Le Drian uthe umsebenzi weFrance ukuvikela nokudala uzinzo.

Balinganiselwa ku-1 200 abantu baseFrance abahlala kuleya lizwe elicebile ngezimbiwa phansi kodwa elihluphekayo ngenxa yenkohlakalo, nokungabekezelelani kwezombusazwe kusukela lathola inkululeko ngo-1960.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...