Akusindanga muntu endizeni eyaduka eMoz
2012-11-20 14:05
Maputo - Ibhanoyi elincane eladuka ngenyanga edlule eMozambique, lithwele ubaba nendodana yakhe baseNingizimu Afrika, litholakele. Ngeshwa kungekho muntu ophilayo.
Intatheli yezindaba ze-Eyewitness, uMandy Wiener, ubhale lezi zindaba kuTwitter ngoLwesibili ekuseni.
Ubeke kanje, ecaphuna lolu daba ekhasini leFacebook elenzelwa ukuthungatha lo baba nendodana yakhe: "Umndeni wakwaSimms uthole lezi zindaba zokuthi ibhanoyi litholakele eMozambique litholwa isakhamuzi. Kodwa uBryan noRobert abasindanga."
UBryan Simms, 60, waseMidrand nendodana yakhe uRob, 22, bagcinwa ngo-Okthoba 27, 2012 ngesikhathi ibhanoyi labo liduka eMozambique esifundazweni esikhulu iTete belibhekise esikhumulweni sezindiza eLanseria, enyakatho yeGoli, kusho iMozambique Civil Aviation Agency.
Ngaphambi kokuba ibhanoyi liduke, ubaba uSimms ekhuluma nge-radio, wathi unenkinga yenjini.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24