Akusekude ngomphumela wokhetho e-Angola
2012-09-03 16:36
Luanda - Izodedelwa ekupheleni kwesonto imiphumela yokhetho lwase-Angola ekubhekeke ukuthi ibuyisele esikhundleni uMengameli uJose Eduardo dos Santos, kusho iKhomishana yoKhetho.
"Sizokwazi ukuqinisekisa bese sidedela kahle imiphumela ekupheleni kwesonto, kusho umkhulumeli weNational Electoral Commission uJulia Ferreira, etshela abezindaba.
Izingqapheli zasemazweni angaphandle zithi ukhetho lube ngokukhululekile nolungenazihibe, lolu kube wukhetho lwesithathu kusukela izwe lathola uzimele geqe ngo-1975.
Izibalo zakamuva ezingakaqinisekiswa zithi iqembu elibusayo iPeople's Movement for the Liberation of Angola (MPLA), yilo elihamba phambili.
Ebantwini abangu-90% abavotile, kuthiwa u-72.2 uvotele iMPLA.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).