Akusekude ngoMthethosisekelo waseZimbabwe
2013-02-07 10:02
Harare - IPhalamende laseZimbabwe lamukele uMthethosisekelo ongakaphothulwa, nobukade ulindwe isikhathi eside.
UMthethosisekelo lona kukholakala ukuthi uzoqhamuka noguquko olunqala kuleli lizwe ekubhekeke ukuthi libambe ukhetho kuwo lo nyaka.
Kunesigaba esithi umengameli angeke esakwazi ukuhlala esikhundleni kuze kube amahlandla amathathu.
Kuthathe iminyaka emithathu ukuthi kufinyelelwe esivumelwaneni ngoMthethosisekelo, njengoba bekunomdonsiswano phakathi kweqembu elibusayo iZanu-PF eholwa nguMengameli uRobert Mugabe kanjalo neqembu eliphikisayo iMovement for Democratic Change kaNdunankulu uMorgan Tsvangarai.
UMthethosisekelo uhanjiswe ePhalamende ngoLwesithathu, umholi weKomidi lePhalamende uDouglas
Mwonzora, uthe kuzokuba nenkulumompikiswano.
"Lona nguMthethosisekelo wabantu, kumele kusheshiswe kuqedwe ngawo," kusho uMwonzora.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Reuters