Akuphephiswe uhulumeni waseMelika eZim - UMbuso

2013-01-18 10:02

Washington - IMelika isicele iZimbabwe ukuthi iqinisekise ukuphepha kwezikhulu zikahulumeni wezwe oseZimbabwe, lokhu kulandela isehlakalo sokuvinjwa kwenxusa ukuthi likhulume komunye wemihlangano edolobheni iMutare.

Inxusa uBruce Wharton, uvinjwe ngoLwesithathu, ngesikhathi evakashele esifundazweni iManicaland, eyokuba ngomunye wezingqapheli emsebenzisni we-USAID, ezophinda ahlangane nosomabhizinisi bese ethula inkulumo.

UWharton uvinjwe ngabalandeli beqembu iZanu-PF eholwa nguMengameli wezwe uRobert Mugabe, uchithe imizuzu ephakathi kwengu-15 no-20, elalele izinkulumo zabo.

Konke lokhu kuholele ekutheni agcine engakwazanga ukwethula inkulumo yakhe.

"IMelika iyasiqonda isidingo sokuthi kube nokusebenzisana kuze kuzoyiwa phambili. Sikholwa wukuthi lokhu kumele kwenziwe ngokuhloniphana nokubonisana," kusho uhulumeni waseMelika.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Rain showers. Decreasing cloudiness. Cool. Pta: 12-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 6-16°C Morning clouds. Refreshingly cool.
Dbn: 17-22°C Showery. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...