Akukhululwe intatheli eSomalia- Inhlangano

2013-01-28 12:03

Nairobi - ISomalia kumele idedele intatheli eboshwe ngamaphoyisa emasontweni amabili edlule, ngemuva kokuthi ibe nengxoxo nowesifazane othi wadlwengulwa yisikhulu sikahulumeni, kusho abenhlangano emele ukuvikela abezindaba.

Intatheli u-Abdiaziz Abdinuur, osebenzela imisakazo eminingi eSomalia, waboshwa mhlaka-10 Januwari, wangathweswa macala.

"Awukho umthetho ovimbela abezindaba ukuthi bakhulume nabantu bababuze izindaba," kusho inhlangano ezinze eMelika iCommittee to Protect Journalists.

I-CPJ ibhale incwadi ebhekiswe kuMengameli wezwe uHassan Sheikh Mohamud, ithi akudedelwe intatheli ngokushesha.

"Ukuboshwa kwentatheli kuthumela umalayezo ongemuhle ngokukhululeka kwabezindaba baseSomalia.

Abenhlangano iHuman Rights Watch ne-CPJ, bakhipha isitatimende ngokuhlanganyela bethi ukuboshwa kuka-Abdinuur kuhlobene nokubhala kwakhe ngesehlakalo sokudlwengulwa kwalona wesimame.

Zingu-18 izintatheli ekubikwa ukuthi zabulawa eSomalia, ngonyaka owedlule.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 20 kuketuka isikebhe eZambia

Emizuzwini eyi-38 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...