'Akukho zihonga zaseMali eDarfur'

2013-02-14 14:01

Khartoum - Amasosha oMbuso eSudan, athi amavukelambuso asengenisile esifundeni iDarfur, engena ngomgcele waseCentral African Republic nokho aphika ukuthi kukhona abeqembu lamaSulumane laseMali.

Ukushubisa impi okwenziwe ngamasosha aseFrance atshalwe eMali, kuholele ekutheni amaphekula seMali angamaSulumane, abeleke ashenxe endaweni ekuqhubeka kuyo impi.

IFrance yahamba iyokwelekelela eMali, ngenhloso yokuzama ukuvimba ekutheni leli lizwe liphenduke inkundla yempi.

Ohulumeni emazweni asentshonalanga ne-Afrika, banokwesabela ukuthi amaphekula e-al-Qaeda, azosabalala efuna "amahlathi" okucasha.

NgoLwesihlanu, izihonga zaseSudan, zakhuluma emsakazweni zathi ozakwabo abakade bebambe impi eMali, sebethelekile ezweni.

Okhulumela amasosha aseSudan u-Al-Sawarmi Khalid, utshele abezindaba zeSUNA, wathi amavukelambuso aseSouth Sudan angenise esifundeni iDarfur, engena ngomgcele ophakathi kweSudan neCAR.




"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered clouds. Mild. Pta: 17-25°C a few tstorms. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-18°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-21°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-24°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C Showers early. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...