Akube nokuthula uma sekuvotwa eZimbabwe - Ijaji

2013-01-14 16:40
Yabelani Shicilela

Harare - INhloko yamaJaji eZimbabwe, isicele ukuthi ukhetho oluzobanjwa ezweni kulo nyaka, kube ngukhetho olungenazihibe futhi olungenalo udlame nokwesatshiswa kwabantu.

"Sizwakalisa izwi lethu kanye nalaba abathi akube nokhetho olukhululekile kungabi khona udlame,'' kusho uJaji uGodfrey Chidyausiku.

Kulindeleke ukuthi iZimbabwe iye okhethweni lukazwelonke, ngasekupheleni konyaka.

UMengameli uRobert Mugabe uthi ukholwa wukuthi lolu khetho luzohlukanisa inhloko nesixhanti phakathi kwakhe nembangi yakhe uMorgan Tsvangirai.

Ukhetho lwango-2008, lwaphetha ngokuthi kube nodlame kwashona abantu okungenani abalinganiselwa ku-200, kwathi abaningi babaleka bashiya amakhaya.

Izingxoxo zokuzama ukuletha ukuthula, zanquma ukuthi iqembu elibusayo libambisane neqembu eliphikisayo.

UChidyausiku uthi banamathemba okuthi zizobancane izehlakalo eziphathelene nokhetho, ezizobikwa ezinkantolo, kulokhu.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...