Abuyele emoyeni amabhanoyi eDana
2013-01-04 15:03
Lagos - Inkampani yezindiza yaseNigeria, iDana ibuyele emsebenzini, ngemuva kwesikhathi eside imile ukusebenza, kulandela inhlekelele yengozi eyadlula nemiphefumulo
Ingozi yenzeka ngenyanga kaJuni kwashona abantu abangu-159, le ngozi yahlonzwa njengenye yezingozi ezimbi kakhulu ezake zenzeka kuleli lizwe.
"Kuqalile ukusebenza kwamabhanoyi namhlanje. Sesigibelise abantu abasuka eLagos beya e-Abuja," kusho okhulumela inkampani etshela abezindaba ze-AFP.
Abezokundiza eNigeria, bamisa ukusebenza kwale nkampani mhlaka 5 Juni, ngemuva kokuthi kwenzeke ingozi.
Ngaphambi kwengozi, inkampani iDana, ibingezinye zezinkampani ezisebenza kahle kakhulu ezweni
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).