Abeseka uGbagbo bafuna akhululwe
2011-05-26 10:22
Abidjan - Iqembu ebelibusa e-Ivory Coast livumile ukuthi uMengameli u-Alassane Ouattara wadla umhlanganiso okhethweni lwangoNovemba, kodwa lathi ngeke libe ingxenye yohulumeni wobambiswano kuze kube lowo obengumengameli uLaurent Gbagbo uyakhululwa.
Lowo ongumengameli wesikhashana waleli qembu, uMamadou Koulibaly, ubekhuluma nezintatheli emuva komhlangano oyinguyazana wamahora amahlanu weqembu likaGbagbo, i-Ivorian Popular Front (FPI) e-Abidjan.
“I-FPI ayijahile ukuba kuhulumeni wobambiswano. Uma kunjalo lowo hulumeni ungabunjwa ngaphandle kwethu uma kungukuthi imibandela yethu ayinakiwe," kusho uKoulibaly.
“Imibandela yethu ibandakanya ezokuphepha nokukhululwa kwezishoshovu, nokuyizona zinto ezihamba phambili ngaphambi kokuthi sijoyine lo hulumeni."
- Reuters